Skip to main content

UMPHATHI OMKHULU WESIMANGALISO WETLAND PARK UBONGA UBUDLELWANO OBUKHONA PHAKATHI KWAMAKHOSI KANYE NEPAKI

11 January 2024
Umphathi omkhulu weSimangaliso Wetland Park Authority, uMnu. Sibusiso Bukhosini unike Amakhosi angaphansi komkhandlu waseMkhanyakude izipho njengengxenye yokubonga ubudlelwano obukhona phakathi kwepaki kanye nobuholi bendabuko. iSimangaliso Wetland Park sitholakala eMkhanyakude, ngaphansi kwaMakhosi ayishumi nambili kusuka kwaSokhulu size yiyofika kwaTembe eManguzi bude buduze nomngcele waseMozambique. Mhla zinhlanu kuMasingana 2024, uMnu. Bukhosini ukhombise ngokusobala ukulangazelela ukuqhubeka nokuqinisa ubudlelwano naMakhosi. Phambilini, iSimangaliso sasingathandeki kahle emiphakathini ngenxa yokunganeliseki okwakuvela emiphakathini kanye nobuholi bendabuko mayelana nepaki; ikakhulukazi ngoba imiphakathi bekubukeka ikhishwa ngaphandle ingabi nezwi uma kuthathwa izinqumo mayelana nokuphathwa kwepaki. Ubuholi beSimangaliso obukhona njengamanje busebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi engomakhelwane nepaki iyaba ingxenye yezinto ezahlukahlukene ezenzeka epaki, kanye nokuthi imiphakathi kube yiyo eba seqhulwini ukuba ihlomule epaki ikakhulukazi ngamathuba emisebenzi kanye nezamabhizinisi.
Ngenkathi ekhipha izipho, uMnu Bukhosini waveza ukubonga okukhulu kuwo wonke Amakhosi ngokuzibandakanya kwawo kwezokongiwa kwemvelo okuhlomulisa imiphakathi. “Namuhla, ngifisa ukubonga kakhulu ubudlelwano obuhle okuphakathi kweSimangaliso kanye naMakhosi. NjengeSimangaliso, sinikwe umsebenzi wokonga imvelo ezindaweni ezingaphansi kwamakhosi, kusuka kwiNkosi uSokhulu kuze kuyofika kwiNkosi uTembe. Omunye uzokhumbula ukuthi phambilini babungekho kahle ubudlelwano phakathi kwezinhlaka zokongiwa kwemvelo kanye nemiphakathi. NjengeSimangaliso, sibe sesikhanda izinhlaka ezizosebenza naMakhosi ukuqinisekisa ukuthi kuba nobudlelwano obuhle nobuholi bendabuko”, kusho uMnu.Bukhosini. Nyakenye ngoMandulo, uMnu. Bukhosini wahlangana nomkhandlu waMakhosi okuyilapho azethula khona njengoba ephinde waqokelwa ihlandla lesibili ukuba abe umphathi omkhulu weSimangaliso Wetland Park. Lokho kukhombisa ukuthi uyawazisa futhi uyakuqonda ubukhona baMakhosi njengabamqoka ababambe iqhaza eSimangaliso.
INkosi uGumede (usihlalo waMakhosi) wathi, bayakujabulela lokhu okwenziwe iSimangaliso ukubabonga njengaMakhosi. Lokhu kukhombisa ubudlelwano obukhulu phakathi kweSimangaliso kanye nobuholi bendabuko. Waqhubeka wathi, “sisebenza ndawonye neSimangaliso ngendlela yokuthi nanoma kuqashwa eSimangaliso siyaziswa. Kunoshintsho olukhulu kubuholi obukhona. Phambilini, kwakunzima ukuthi kuhlanganwe nobuholi beSimangaliso kodwa manje sekulula ukuthi kuhlanganwe kuxoxiswane uma kunezikhalazo ezivela emiphakathini”. Muva nje, iSimangaliso sisanda kuqasha abantu abayizinkulungwane ezimbili ukuba basebenze ngaphansi kohlelo olubizwa nge-EPWP, bonke laba bantu basuka ngaphansi kwalaMakhosi ayishumi nambili. Njengamanje bayasebenza kulabomasipala; uMhlabuyalingana, iBig 5 Hlabisa, iJozini kanye naseMtubatuba. Basebenza ukuhlanza amadolobha, izindawo zokungcebeleka, imigwaqo, ilapho kulahlwa khona udoti njalo njalo. Ngezansi kukhonjiswa amathuba emisebenzi adalwe iSimangaliso Wetland Park:
Ubuholi beSimangaliso Wetland Park buzoqhubeka nokusebenzisana nobuholi bendabuko baseMkhanyakude, buphinde buzame ngakho konke okusemandleni ukunciphisa amazinga aphezulu okwantuleka kwamathuba emisebenzi njengoba lomkhandlu wazeka njengesizinda sobumpofu. -Iyaphela-

End

Statement issued by iSimangaliso Wetland Park Authority
Media enquires:
Mr. Bheki Manzini
Call/WhatsApp: 060 533 2082
Email: This email address is being protected from spambots. You need JavaScript enabled to view it.